U-Eksodusi 32:27-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Wayesethi kuwo: “Usho njalo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Akube yilowo nalowo kini abhince inkemba yakhe ethangeni lakhe, adabule ekamu,* aye emuva, aye phambili, kusukela kwelinye isango kuze kube kwelinye isango lekamu, yilowo nalowo abulale umfowabo, nalowo umngane wakhe, nalowo umakhelwane wakhe.’ ”

28. Amadodana kaLevi enza njengezwi likaMose, kwawa ngalolo suku abantu kungathi abayizinkulungwane ezintathu.

29. Wayesethi uMose: “Njengalokhu yilowo nalowo emelene nendodana yakhe nanomfowabo, manizahlukanisele namuhla kuJehova ukuba aninike isibusiso namuhla.”

30. Kwathi ngangomuso uMose wathi kubantu: “Nenzile isono esikhulu; sengiyakukhuphukela kuJehova, uma mhlawumbe ngingenza ukubuyisana ngesono senu.”

31. UMose wabuyela kuJehova, wathi: “Hawu, laba bantu benzile isono esikhulu, bazenzele onkulunkulu ngegolide.

32. Nokho uma ubathethelela isono sabo; kepha uma ungabathetheleli, ake ungesule encwadini yakho oyilobileyo.”

33. UJehova wayesethi kuMose: “Owonile kimi ngiyakumesula encwadini yami.

34. Kalokhu hamba-ke, uhole abantu, uye kuleyo ndawo engakhuluma ngayo kuwe; bheka, ingelosi yami iyakuhamba phambi kwakho; kepha mhla ngibahambela ngiyakuhambela isono sabo kubo.”

35. UJehova wayesebashaya-ke abantu, ngokuba benza ithole lelo alenzayo u-Aroni.

U-Eksodusi 32