16. Izibhebhe zazingumsebenzi kaNkulunkulu, nokuloba kwakungukuloba kukaNkulunkulu, kuqoshiwe ezibhebheni.
17. UJoshuwa wezwa umsindo wabantu bekhamuluka, wathi kuMose: “Kukhona umsindo wempi ekamu.”*
18. Wathi: “Akusilo izwi labahalalisa ngokunqoba, akusilo izwi lokukhala ngokunqotshwa, kepha ngizwa umsindo wabahlabelelayo.”
19. Kwathi esasondela ekamu,* wabona ithole nokusina; ulaka lukaMose lwase luvutha, wazilahla izibhebhe ezandleni zakhe, wazaphula phansi kwentaba.
20. Wayeselithatha ithole ababelenzile, walishisa ngomlilo, walicolisisa laze laba luthuli, walivumvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantwana bakwa-Israyeli.