1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2. “Bheka, ngibize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHuri, owesizwe sakwaJuda.
3. Ngimgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke,
4. ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi,
5. nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, yebo, ukuba asebenze imisebenzi yonke.
6. Bheka, mina ngimisile kanye naye u-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani; ezinhliziyweni zazo zonke eziyizingcweti ngenhliziyo ngifake ukuhlakanipha ukuba zikwenze konke engikuyale ngakho:
7. itende lokuhlangana, nomphongolo wobufakazi, nesihlalo somusa esiphezu kwawo, nezimpahla zonke zetende,
8. netafula nezitsha zalo, nothi oluhle lwezibani nezitsha zonke zalo, ne-altare lempepho,
9. ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo,
10. nezingubo ezifekethisiweyo, nezambatho ezingcwele zika-Aroni umpristi nezambatho zamadodana akhe zokuba bakhonze esikhundleni sobupristi,
11. namafutha okugcoba, nempepho yamakha athaphukayo yendawo engcwele, yebo, zenze njengakho konke engikuyale ngakho.”
12. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: