7. “U-Aroni woshisa kulo impepho yamakha athaphukayo; njalo ekuseni, nxa elungisa izibani, uyakuyithunqisa.
8. Nalapho u-Aroni ezibeka izibani ngakusihlwa, woyishisa ibe yimpepho ephakade phambi kukaJehova ezizukulwaneni zenu.
9. Ninganikeli kulo ngempepho engeyiyo, nangomnikelo wokushiswa, nangomnikelo wempuphu, ningatheli mnikelo wokuphuzwa kulo.
10. U-Aroni uyakwenzela izimpondo zalo ukubuyisana kanye ngomnyaka; ngegazi lomnikelo wesono wokubuyisana kanye ngomnyaka uyakulenzela ukubuyisana ezizukulwaneni zenu; lingcwelengcwele kuJehova.”
11. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
12. “Nxa ubala inani labantwana bakwa-Israyeli ngokwalabo ababalwayo, yilowo nalowo kubo makathele kuJehova ihlawulo lomphefumulo wakhe, lapho ubabalayo, ukuba kungabikho sifo phakathi kwabo, nxa ubabala.
13. Lokhu bayakukuthela, kube yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo: inxenye yeshekeli* ngokweshekeli lendlu engcwele ishekeli lingamagera* angamashumi amabili inxenye yeshekeli ibe ngumnikelo kuJehova.
14. Yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo, abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, uyakunikela ngomnikelo kuJehova.
15. Ocebileyo akayikunika kakhulu, ompofu angatheli kancane kunenxenye yeshekeli, lapho benikela ngomnikelo kuJehova ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.
16. Wothabatha imali yokubuyisana kubantwana bakwa-Israyeli, uyimisele inkonzo yetende lokuhlangana, ibe yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova, ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.”
17. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
18. “Uyakwenza umcengezi wethusi, nesinqe sawo sethusi, ukuba kugezelwe kuwo, uwubeke phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo.
19. U-Aroni namadodana akhe bayakuhlamba kuwo izandla zabo nezinyawo zabo.
20. Nxa bengena etendeni lokuhlangana, bayakugeza ngamanzi ukuba bangafi, noma besondela e-altare ukuyokhonza, bawushise umnikelo womlilo kuJehova;
21. mabahlambe izandla zabo nezinyawo zabo ukuba bangafi, kube yisimiso esiphakade kubo, kuyena nakuyo inzalo yakhe ezizukulwaneni zabo.”