30. “Wobagcoba u-Aroni namadodana akhe, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
31. Ukhulume kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Lokhu kuyakuba kimi amafutha angcwele okugcoba ezizukulwaneni zenu.
32. Mawangathelwa emzimbeni womuntu, ningawenzi afana nawo njengokuthakwa kwawo; angcwele, mawabe ngcwele kini.
33. Yilowo nalowo owathaka anjengawo nalowo owathela kumfokazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”
34. UJehova wathi kuMose: “Zithabathele amakha athaphukayo, inathafi* neshehelethe* nehelibena,* amakha kanye nenhlaka ecwengekileyo, kulingane konke,
35. wenze ngakho impepho, amakha njengokwenza komthaki, ethelwe ngosawoti, enhle, engcwele;
36. ucolisise enye, uyibeke phambi kobufakazi etendeni lokuhlangana, lapho ngiyakuhlangana khona nawe, ibe ngcwelengcwele kini.
37. Impepho oyakuyenza ningazenzeli yona njengokuthakwa kwayo; yoba ngcwele kuwe, yenzelwe uJehova.
38. Yilowo nalowo oyakuyenza enjengayo ukuba ihogelwe uyakunqunywa kubantu bakubo.”