U-Eksodusi 30:26-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Wogcoba itende lokuhlangana nomphongolo wobufakazi,

27. netafula nezitsha zalo zonke, nothi lwezibani nezitsha zalo, ne-altare lempepho,

28. ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zalo zonke, nomcengezi nesinqe sawo.

29. Wokungcwelisa ukuze kube ngcwele kakhulu; bonke abakuthintayo bayakuba ngcwele.

30. “Wobagcoba u-Aroni namadodana akhe, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.

31. Ukhulume kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Lokhu kuyakuba kimi amafutha angcwele okugcoba ezizukulwaneni zenu.

32. Mawangathelwa emzimbeni womuntu, ningawenzi afana nawo njengokuthakwa kwawo; angcwele, mawabe ngcwele kini.

U-Eksodusi 30