25. Uwenze amafutha angcwele okugcoba amakha athakiweyo njengokwenza komthaki, abe ngamafutha angcwele okugcoba.
26. Wogcoba itende lokuhlangana nomphongolo wobufakazi,
27. netafula nezitsha zalo zonke, nothi lwezibani nezitsha zalo, ne-altare lempepho,
28. ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zalo zonke, nomcengezi nesinqe sawo.
29. Wokungcwelisa ukuze kube ngcwele kakhulu; bonke abakuthintayo bayakuba ngcwele.
30. “Wobagcoba u-Aroni namadodana akhe, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
31. Ukhulume kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Lokhu kuyakuba kimi amafutha angcwele okugcoba ezizukulwaneni zenu.
32. Mawangathelwa emzimbeni womuntu, ningawenzi afana nawo njengokuthakwa kwawo; angcwele, mawabe ngcwele kini.