U-Eksodusi 30:2-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Ubude balo bube yingalo, nobubanzi balo bube yingalo, libe nezinhlangothi ezine ezilingeneyo; ukuphakama kwalo kube yizingalo ezimbili, izimpondo zalo zibe kunye nalo.

3. Wolinameka ngegolide elicwengekileyo ngaphezulu, nezinhlangothi zalo nxazonke, nezimpondo zalo, ulenzele udini lwegolide nxazonke.

4. Ulenzele amasongo amabili egolide phansi kodini lwalo nxazombili, uwenze ezinhlangothini zombili zalo, abe yizindawo zezinti zokulithwala.

5. Wenze izinti ngomuthi womtholo, uzinameke ngegolide.

6. Ulibeke phambi kwesihenqo esingasemphongolweni wobufakazi, ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu kobufakazi, lapho ngiyakuhlangana khona nawe.

7. “U-Aroni woshisa kulo impepho yamakha athaphukayo; njalo ekuseni, nxa elungisa izibani, uyakuyithunqisa.

8. Nalapho u-Aroni ezibeka izibani ngakusihlwa, woyishisa ibe yimpepho ephakade phambi kukaJehova ezizukulwaneni zenu.

9. Ninganikeli kulo ngempepho engeyiyo, nangomnikelo wokushiswa, nangomnikelo wempuphu, ningatheli mnikelo wokuphuzwa kulo.

10. U-Aroni uyakwenzela izimpondo zalo ukubuyisana kanye ngomnyaka; ngegazi lomnikelo wesono wokubuyisana kanye ngomnyaka uyakulenzela ukubuyisana ezizukulwaneni zenu; lingcwelengcwele kuJehova.”

11. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

12. “Nxa ubala inani labantwana bakwa-Israyeli ngokwalabo ababalwayo, yilowo nalowo kubo makathele kuJehova ihlawulo lomphefumulo wakhe, lapho ubabalayo, ukuba kungabikho sifo phakathi kwabo, nxa ubabala.

13. Lokhu bayakukuthela, kube yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo: inxenye yeshekeli* ngokweshekeli lendlu engcwele ishekeli lingamagera* angamashumi amabili inxenye yeshekeli ibe ngumnikelo kuJehova.

14. Yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo, abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, uyakunikela ngomnikelo kuJehova.

15. Ocebileyo akayikunika kakhulu, ompofu angatheli kancane kunenxenye yeshekeli, lapho benikela ngomnikelo kuJehova ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.

16. Wothabatha imali yokubuyisana kubantwana bakwa-Israyeli, uyimisele inkonzo yetende lokuhlangana, ibe yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova, ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.”

U-Eksodusi 30