44. “Ngiyakungcwelisa itende lokuhlangana kanye ne-altare, ngingcwelise no-Aroni namadodana akhe ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
45. Ngiyakuhlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ngibe nguNkulunkulu wabo.
46. Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo, owabakhipha ezweni laseGibithe, ukuba ngihlale phakathi kwabo; nginguJehova uNkulunkulu wabo.