U-Eksodusi 29:44-46 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

44. “Ngiyakungcwelisa itende lokuhlangana kanye ne-altare, ngingcwelise no-Aroni namadodana akhe ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.

45. Ngiyakuhlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ngibe nguNkulunkulu wabo.

46. Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo, owabakhipha ezweni laseGibithe, ukuba ngihlale phakathi kwabo; nginguJehova uNkulunkulu wabo.

U-Eksodusi 29