4. usondeze u-Aroni namadodana akhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, ubageze ngamanzi.
5. Wothabatha izambatho, ufake ku-Aroni ibhantshi, nejazi lengubo yamahlombe, nengubo yamahlombe, nesihlangu sesifuba, umbhincise ngebhande* elalukiweyo lengubo yamahlombe;
6. ufake isigqoko ekhanda lakhe, ubeke umqhele ongcwele esigqokweni.
7. Uthabathe amafutha okugcoba, uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.
8. Usondeze namadodana akhe, uwembathise amabhantshi.
9. Ubabhincise amabhande* u-Aroni namadodana akhe, uzibophe izigqoko kubo, babe nobupristi, kube yisimiso esiphakade, wahlukanise u-Aroni namadodana akhe.
10. “Uyisondeze inkunzi ngaphambi kwetende lokuhlangana; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yenkunzi.
11. Woyihlaba inkunzi phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana.
12. Uthabathe igazi lenkunzi, ulibhece ezimpondweni ze-altare ngomunwe wakho, uthulule lonke igazi phansi ngase-altare.
13. Uyakuthabatha wonke umhlehlo osibekela izibilini, namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni akuzo, ukushise e-altare.
14. Kepha inyama yenkunzi, nesikhumba sayo, nomswani wayo, uyakukushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu;* kungumnikelo wesono.
15. “Wothabatha inqama ibe nye; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yenqama.
16. Woyihlaba inqama, uthabathe igazi layo, ufafaze ngalo i-altare nxazonke.
17. Uyihlahlele inqama, uzihlanze izibilini zayo namanqina ayo, ukubeke ndawonye nezitho zayo nenhloko yayo.