31. “Woyithabatha inqama yokwahlukaniselwa, upheke inyama yayo endaweni engcwele.
32. U-Aroni namadodana akhe bayakuyidla inyama yenqama nesinkwa esiseqomeni ngasemnyango wetende lokuhlangana,
33. badle lezo zinto ezenza ukubuyisana ukubahlukanisela nokubangcwelisa; zingadliwa ngumfokazi, ngokuba zingcwele.
34. Uma kusala inyama yokwahlukaniselwa kuze kuse noma isinkwa, ukushise okuseleyo ngomlilo, kungadliwa, ngokuba kungcwele.
35. “Uyakwenze njalo ku-Aroni nakumadodana akhe, njengakho konke engikuyale ngakho; ukwahlukanisela kuyakuba yizinsuku eziyisikhombisa.
36. Imihla yonke wonikela ngenkunzi, ibe ngumnikelo wesono, ube ngowokubuyisana, uhlambulule i-altare, lapho ulenzela ukubuyisana, uligcobe ukuba ulingcwelise.
37. Izinsuku eziyisikhombisa wolenzela i-altare ukubuyisana, ulingcwelise, i-altare libe ngcwele kakhulu, nabo bonke abalithintayo bayakuba ngabangcwele.
38. “Yilokhu oyakunikela ngakho e-altare: amawundlu amabili anomnyaka munye imihla ngemihla njalo.
39. Elinye iwundlu wonikela ngalo ekuseni, elinye iwundlu wonikela ngalo kusihlwa.
40. Kanye nelinye iwundlu wonikela ngokweshumi kwempuphu ecolekileyo, ixovwe nokwesine kwehini* lamafutha agxotshiweyo, nokwesine kwehini lewayini, kube ngumnikelo wokuphuzwa.
41. Wonikela ngelinye iwundlu ngakusihlwa, wenze kulo njengomnikelo wempuphu wasekuseni nanjengomnikelo wawo wokuphuzwa, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.