U-Eksodusi 29:2-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. nesinkwa esingenamvubelo, namaqebelengwane angenamvubelo, agcotshwe ngamafutha; ukwenze ngempuphu ecolekileyo kakolweni.

3. Uyakukufaka eqomeni linye, ukulethe ngeqoma kanye nenkunzi nezinqama zombili;

4. usondeze u-Aroni namadodana akhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, ubageze ngamanzi.

5. Wothabatha izambatho, ufake ku-Aroni ibhantshi, nejazi lengubo yamahlombe, nengubo yamahlombe, nesihlangu sesifuba, umbhincise ngebhande* elalukiweyo lengubo yamahlombe;

6. ufake isigqoko ekhanda lakhe, ubeke umqhele ongcwele esigqokweni.

7. Uthabathe amafutha okugcoba, uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.

8. Usondeze namadodana akhe, uwembathise amabhantshi.

9. Ubabhincise amabhande* u-Aroni namadodana akhe, uzibophe izigqoko kubo, babe nobupristi, kube yisimiso esiphakade, wahlukanise u-Aroni namadodana akhe.

10. “Uyisondeze inkunzi ngaphambi kwetende lokuhlangana; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yenkunzi.

11. Woyihlaba inkunzi phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana.

U-Eksodusi 29