17. Uyihlahlele inqama, uzihlanze izibilini zayo namanqina ayo, ukubeke ndawonye nezitho zayo nenhloko yayo.
18. Woyishisa yonke inqama e-altare; kungumnikelo wokushiswa kuJehova, yiphunga elimnandi, ngumnikelo womlilo kuJehova.
19. “Uthabathe enye inqama; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yayo.
20. Woyihlaba inqama, uthabathe igazi layo, ulibhece esicutshini sendlebe yokunene ka-Aroni, nasesicutshini sendlebe yokunene yamadodana akhe, nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene, ufafaze i-altare nxazonke ngegazi.
21. Wothabatha igazi elise-altare namafutha okugcoba, ufafaze ngakho u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe, abe ngcwele yena nezambatho zakhe, namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe.
22. “Wothabatha amanoni enqama, nomsila ononileyo, nomhlehlo osibekela izibilini, namanoni esibindi, nezinso zombili namanoni akuzo, nomlenze wokunene, ngokuba kuyinqama yokwahlukaniselwa;
23. uthabathe isinkwa sibe sinye, neqebelengwane libe linye lesinkwa esinamafutha, nomqathane ube munye eqomeni lesinkwa esingenamvubelo eliphambi kukaJehova,
24. ubeke konke ezandleni zika-Aroni nasezandleni zamadodana akhe, ukuzulise kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.
25. Ubuye ukuthabathe ezandleni zabo, ukushise e-altare phezu komnikelo wokushiswa, kube yiphunga elimnandi phambi kukaJehova: kungumnikelo womlilo kuJehova.
26. Uyakuthabatha isifuba senqama yokwahlukaniselwa kuka-Aroni, usizulise, sibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, sibe yisabelo sakho.
27. “Uyakusingcwelisa isifuba somnikelo wokuzuliswa nomlenze womnikelo wokuphakanyiswa, ozuliswayo nophakanyiswayo, okwenqama yokwahlukaniselwa, okuka-Aroni nokwamadodana akhe;
28. kuyakuba ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe, kube yimfanelo ephakade kwabakwa-Israyeli, ngokuba kungumnikelo wokuphakanyiswa; koba ngumnikelo wokuphakanyiswa wabantwana bakwa-Israyeli womhlatshelo weminikelo yabo yokuthula, umnikelo wabo wokuphakanyiswa kuJehova.
29. “Izambatho ezingcwele zika-Aroni ziyakuba ngezamadodana akhe emva kwakhe ukuba bagcotshwe, bahlukaniselwe, bembathe zona.
30. Indodana yakhe engumpristi esikhundleni sakhe ayizembathe izinsuku eziyisikhombisa, nxa ingena etendeni lokuhlangana ukuyokhonza endaweni engcwele.
31. “Woyithabatha inqama yokwahlukaniselwa, upheke inyama yayo endaweni engcwele.
32. U-Aroni namadodana akhe bayakuyidla inyama yenqama nesinkwa esiseqomeni ngasemnyango wetende lokuhlangana,