1. “Yilokhu oyakukwenza kubo ukubahlukanisa ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi: thabatha iduna nezinqama ezimbili ezingenasici,
2. nesinkwa esingenamvubelo, namaqebelengwane angenamvubelo, agcotshwe ngamafutha; ukwenze ngempuphu ecolekileyo kakolweni.
3. Uyakukufaka eqomeni linye, ukulethe ngeqoma kanye nenkunzi nezinqama zombili;