6. “Bayakwenza ingubo yamahlombe ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, kube ngumsebenzi wengcweti.
7. Iyakuba neziziba ezimbili zasemahlombe, zihlangene emaceleni ayo omabili, ukuba ihlanganiswe.
8. Ibhande* elalukiweyo elikuyo lokuyikhwica liyakuba njengomsebenzi wayo, libe kunye nayo, ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.
9. “Wothatha amatshe amabili amashohamu,* uqophe kuwo amagama abantwana bakwa-Israyeli,
10. amagama ayisithupha abo kwelinye itshe namagama abayisithupha abaseleyo kwelinye itshe njengokuzalwa kwabo.
11. Ngomsebenzi womqophi ematsheni, njengokuqoshwa kwendandatho, woqopha amatshe omabili njengokwamagama abantwana bakwa-Israyeli, uwafake azungezwe yizisekelo zegolide.