U-Eksodusi 28:37-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

37. Umfake ngentambo eluhlaza, abe sesigqokweni, abe ngaphambili esigqokweni.

38. Uyakuba sebunzini lika-Aroni, u-Aroni athwale ububi bezinto ezingcwele, abantwana bakwa-Israyeli abayakuzingcwelisa, zibe yizipho zabo ezingcwele; uyakuba sebunzini lakhe njalo ukuba bamukeleke ebusweni bukaJehova.

39. “Uyakwaluka ibhantshi eliyizingovu ngelineni elicolekileyo, wenze nesigqoko selineni elicolekileyo, wenze nebhande,* ulifekethise.

40. Uyakuwenzela namadodana ka-Aroni amabhantshi, uwenzele namabhande,* uwenzele nezigqoko, kube ngezobukhosi nezokuhlobisa.

41. Wembathise zona u-Aroni umfowenu namadodana akhe, ubagcobe, ubahlukanisele, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.

42. “Ubenzele namabhulukwe elineni ukuba kusitshekelwe inyama yobunqunu babo, aqale okhalweni, afike emathangeni;

43. u-Aroni namadodana akhe bawafake, nxa bengena etendeni lokuhlangana, nanxa besondela e-altare ukuyokhonza endaweni engcwele, ukuba bangathwali ububi, bafe; kuyakuba yisimiso kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe kuze kube phakade.

U-Eksodusi 28