27. Wenze amasongo amabili, uwafake ezizibeni zombili zengubo yamahlombe phansi ngaphambili, eduze nokuhlangana kwayo, phezu kwebhande* elifeketshisiweyo lengubo yamahlombe.
28. Bayakusibopha isihlangu sesifuba ngamasongo aso emasongweni engubo yamahlombe ngentambo eluhlaza ukuba sibe phezu kwebhande* elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, ukuze isihlangu sesifuba singakhumuki engutsheni yamahlombe.
29. “U-Aroni uyakuphatha amagama abantwana bakwa-Israyeli esihlangwini sesifuba sokwahlulela phezu kwenhliziyo yakhe, nxa engena endaweni engcwele, kube yisikhumbuzo phambi kukaJehova njalo.
30. Ufake esihlangwini sesifuba sokwahlulela i-Urimi neThumimi,* ahlale phezu kwenhliziyo ka-Aroni, nxa engena phambi kukaJehova; u-Aroni athwale ukwahlulelwa kwabantwana bakwa-Israyeli phezu kwenhliziyo yakhe phambi kukaJehova njalo.
31. “Uyakwenza ijazi lengubo yamahlombe ngokuluhlaza lonke,
32. kube yimbobo yekhanda ngaphakathi kwalo, imbobo yalo ibe nomphetho oyizungezayo womsebenzi owalukiweyo njengembobo yebhantshi lensimbi ukuba lingadatshulwa.
33. Emiphethweni yalo wowenza amapomegranati* ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, azungeze imiphetho yalo, kanye nezikhencezo zegolide phakathi kwawo nxazonke,
34. kube yisikhencezo segolide nepomegranati,* isikhencezo segolide nepomegranati njalo emiphethweni yejazi nxazonke.
35. U-Aroni makalembathe eyokhonza; ukukhenceza kwalo kuyakuzwakala, nxa engena endaweni engcwele phambi kukaJehova, nanxa ephuma, ukuze angafi.
36. “Uyakwenza ungcwecwe wegolide elicwengekileyo, uqophe kuye njengokuqoshwa kwendandatho ukuthi: ‘Wahlukaniselwe uJehova’.
37. Umfake ngentambo eluhlaza, abe sesigqokweni, abe ngaphambili esigqokweni.
38. Uyakuba sebunzini lika-Aroni, u-Aroni athwale ububi bezinto ezingcwele, abantwana bakwa-Israyeli abayakuzingcwelisa, zibe yizipho zabo ezingcwele; uyakuba sebunzini lakhe njalo ukuba bamukeleke ebusweni bukaJehova.
39. “Uyakwaluka ibhantshi eliyizingovu ngelineni elicolekileyo, wenze nesigqoko selineni elicolekileyo, wenze nebhande,* ulifekethise.
40. Uyakuwenzela namadodana ka-Aroni amabhantshi, uwenzele namabhande,* uwenzele nezigqoko, kube ngezobukhosi nezokuhlobisa.
41. Wembathise zona u-Aroni umfowenu namadodana akhe, ubagcobe, ubahlukanisele, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
42. “Ubenzele namabhulukwe elineni ukuba kusitshekelwe inyama yobunqunu babo, aqale okhalweni, afike emathangeni;