U-Eksodusi 28:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Sondeza kuwe u-Aroni umfowenu namadodana akhe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, o-Aroni, noNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari, amadodana ka-Aroni.

2. Umenzele u-Aroni umfowenu izambatho ezingcwele, ezobukhosi nezokuhlobisa.

3. Wokhuluma kubo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo engibagcwalisile ngomoya wokuhlakanipha ukuba bazenze izambatho zika-Aroni zokumngcwelisa, ukuze angikhonze esikhundleni sobupristi.

4. Yilezi izambatho abayakuzenza: isihlangu sesifuba, nengubo yamahlombe, nejazi, nebhantshi elifekethisiweyo, nesigqoko, nebhande,* bamenzele u-Aroni umfowenu namadodana akhe izambatho ezingcwele ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.

5. Makathathe igolide, nokuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo.

6. “Bayakwenza ingubo yamahlombe ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, kube ngumsebenzi wengcweti.

7. Iyakuba neziziba ezimbili zasemahlombe, zihlangene emaceleni ayo omabili, ukuba ihlanganiswe.

U-Eksodusi 28