U-Eksodusi 27:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Wolenza i-altare ngomuthi womtholo, ubude balo bube yizingalo eziyisihlanu, ububanzi balo bube yizingalo eziyisihlanu, i-altare lilingane izinhlangothi zozine; ukuphakama kwalo kube yizingalo ezintathu.

2. Uyakwenza izimpondo zalo emagumbini alo omane, izimpondo zalo zibe kunye nalo, ulinameke ngethusi.

3. Wenze izitsha zalo zokususa umlotha walo, namafosholo alo, nezitsha zalo, nezimfoloko zalo, nemicengezi yalo yomlilo, uzenze zonke izinto zalo ngethusi.

4. Ulenzele ihele lethusi elenziwe njengenetha, wenze amasongo amane ethusi enetheni ngasemagumbini alo omane.

5. Wolibeka ngaphansi, phansi kosiko oluzungeza i-altare, ukuba inetha lifinyelele ngaphakathi kwe-altare ukuya phezulu.

6. Uyakwenza izinti ze-altare, izinti zomuthi womtholo, uzinameke ngethusi.

7. Izinti zalo ziyakufakwa emasongweni, izinti zibe sezinhlangothini zombili ze-altare, nxa lithwalwa.

8. Ulenze ngamapulangwe, libe yigobongo, ulenze njengalokho waboniswa entabeni.

9. “Wolenza igceke letabernakele;* ngaseningizimu ohlangothini olungaseningizimu makube khona izilenge zegceke zelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu ohlangothini lunye;

10. izinsika zalo zibe ngamashumi amabili, nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe yisiliva.

11. Nasohlangothini olungasenyakatho ebudeni makube khona izilenge, ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu, nezinsika zazo zibe ngamashumi amabili, nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe yisiliva.

U-Eksodusi 27