U-Eksodusi 25:36-40 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

36. Amasumpa alo namagatsha alo ayakuba kunye nalo, kube kunye konke okwalo, kube ngokomsebenzi okhandiweyo wegolide elicwengekileyo.

37. “Wolwenzela izibani eziyisikhombisa, izibani zalo zibekwe ukuba zikhanyise phambi kwalo.

38. Izizenze zalo nezitsha zalo zensizi mazenziwe ngegolide elicwengekileyo.

39. Malwenziwe ngetalenta* legolide elicwengekileyo kanye nazo zonke lezi zinto.

40. Bhekisisa ukuba uzenze ngesifanekiso sazo owaboniswa sona entabeni.

U-Eksodusi 25