U-Eksodusi 25:30-40 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. Wobeka njalo phambi kwami etafuleni isinkwa sokubukwa.

31. “Wolwenza uthi lwezibani ngegolide elicwengekileyo, uthi lwezibani olwenziwe ngomsebenzi okhandiweyo, nesiqu salo, namagatsha alo, izimbizana zalo, namasumpa alo, nezimbali zalo, konke kube kunye nalo.

32. Makube khona amagatsha ayisithupha aphuma ezinhlangothini zalo, amagatsha amathathu othi lwezibani aphume kolunye uhlangothi lwalo, amagatsha amathathu othi lwezibani aphume kolunye uhlangothi lwalo.

33. Izimbizana ezintathu ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi* zibe kwelinye igatsha, isumpa nembali; izimbizana ezintathu ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi* zibe kwelinye igatsha, isumpa nembali; makube njalo kuwo onke amagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani.

34. Othini lwezibani kuyakuba khona izimbizana ezine ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi,* amasumpa azo nezimbali zazo,

35. kube yisumpa phansi kwamagatsha amabili, libe kunye nalo, nesumpa phansi kwamanye amagatsha amabili, libe kunye nalo, nesumpa phansi kwamanye amagatsha amabili futhi, libe kunye nalo, kube phansi kwamagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani.

36. Amasumpa alo namagatsha alo ayakuba kunye nalo, kube kunye konke okwalo, kube ngokomsebenzi okhandiweyo wegolide elicwengekileyo.

37. “Wolwenzela izibani eziyisikhombisa, izibani zalo zibekwe ukuba zikhanyise phambi kwalo.

38. Izizenze zalo nezitsha zalo zensizi mazenziwe ngegolide elicwengekileyo.

39. Malwenziwe ngetalenta* legolide elicwengekileyo kanye nazo zonke lezi zinto.

40. Bhekisisa ukuba uzenze ngesifanekiso sazo owaboniswa sona entabeni.

U-Eksodusi 25