U-Eksodusi 25:19-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. ulenze elinye ikherubi ekugcineni ngalapha nelinye ikherubi ekugcineni ngalapha, nenze amakherubi ekugcineni nxazombili, abe kunye nesihlalo somusa.

20. Amakherubi ayakwelula amaphiko awo ngaphezulu, amboze isihlalo somusa ngamaphiko awo, abhekane ngobuso; ubuso bamakherubi buyakubheka isihlalo somusa.

21. Uyakusibeka isihlalo somusa phezu komphongolo, ufake emphongolweni ubufakazi engiyakukunika bona.

22. Ngiyakuhlangana nawe khona, ngikhulume nawe, ngiphezu kwesihlalo somusa emkhathini wamakherubi amabili aphezu komphongolo wobufakazi, ngakho konke engiyakukuyala ngakho ukuba ubatshele abantwana bakwa-Israyeli.

23. “Uyakulenza itafula ngomuthi womtholo, ubude balo bube yizingalo ezimbili, ububanzi balo bube yingalo, nokuphakama kwalo kube yingalo nenxenye.

24. Wolinameka ngegolide elicwengekileyo, ulenzele udini ngegolide nxazonke,

25. ulenzele usiko olulingene nesandla ngobubanzi nxazonke, ulwenzele usiko udini lwegolide nxazonke.

26. Ulenzele amasongo amane ngegolide, uwafake amasongo emagumbini omane asezinyaweni zalo zozine.

27. Amasongo ayakuba ngasodinini, abe yizindawo zezinti zokuthwala itafula.

28. Wozenza izinti ngomuthi womtholo, uzinameke ngegolide, ukuba itafula lithwalwe ngazo,

29. wenze nezingqwembe zalo, nezinkezo zalo, nezindebe zalo, nezinkamba zalo zokuthela, uzenze ngegolide elicwengekileyo.

30. Wobeka njalo phambi kwami etafuleni isinkwa sokubukwa.

31. “Wolwenza uthi lwezibani ngegolide elicwengekileyo, uthi lwezibani olwenziwe ngomsebenzi okhandiweyo, nesiqu salo, namagatsha alo, izimbizana zalo, namasumpa alo, nezimbali zalo, konke kube kunye nalo.

32. Makube khona amagatsha ayisithupha aphuma ezinhlangothini zalo, amagatsha amathathu othi lwezibani aphume kolunye uhlangothi lwalo, amagatsha amathathu othi lwezibani aphume kolunye uhlangothi lwalo.

33. Izimbizana ezintathu ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi* zibe kwelinye igatsha, isumpa nembali; izimbizana ezintathu ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi* zibe kwelinye igatsha, isumpa nembali; makube njalo kuwo onke amagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani.

U-Eksodusi 25