1. UJehova wayesekhuluma kuMose ethi:
2. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba bangithabathele umnikelo; kubo bonke abantu abanhliziyo zabo zivuma anothabatha umnikelo wami.
3. Yilo umnikelo eniyakuwuthabatha kubo: igolide, nesiliva, nethusi,
4. nokuluhlaza, nokububende, nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi,
5. nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi,* nemithi yomtholo,
6. namafutha okukhanyisa, namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo,
7. namatshe amashohamu,* namatshe okufakwa, awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba.
8. “Mabangenzele indlu engcwele ukuba ngihlale phakathi kwabo.
9. Njengakho konke engikutshengisa khona njengesifanekiso setabernakele* nangesifanekiso sempahla yonke yalo, anoyenza njalo-ke.
10. “Bayakuwenza umphongolo ngomuthi womtholo, ubude bawo bube yizingalo ezimbili nenxenye, ububanzi bawo bube yingalo nenxenye, nokuphakama kwawo kube yingalo nenxenye.
11. Uyakuwunameka ngegolide elicwengekileyo, uwunameke ngaphakathi nangaphandle, uwenzele udini lwegolide nxazonke.
12. Uwukhandele amasongo amane egolide, uwafake ezinyaweni zozine zawo, amasongo amabili abe kolunye uhlangothi lwawo, amasongo amabili abe kolunye uhlangothi lwawo.