UMose wabhala onke amazwi kaJehova, wavuka ekuseni ngakusasa, walakha i-altare phansi kwentaba, nezinsika eziyishumi nambili njengokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.