U-Eksodusi 24:12-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni, uhlale khona, ngikunike izibhebhe zamatshe, nomthetho, nemiyalelo engiyibhalile ukuba ubafundise yona.”

13. Wasuka uMose nenceku yakhe uJoshuwa; uMose wakhuphukela entabeni kaNkulunkulu.

14. Wathi kumalunga: “Manisihlalele lapha, size sibuyele kini; bhekani, o-Aroni noHure bakini; yilowo nalowo onendaba makaye kubo.”

15. UMose wayesekhuphukela entabeni, ifu lasibekela intaba.

U-Eksodusi 24