29. Angiyikubaxosha phambi kwakho ngomnyaka owodwa, funa izwe libe yihlane, izilwane zasendle zikwandele.
30. Ngiyakubaxosha phambi kwakho kancane kancane, ukuze wande, udle ifa lezwe.
31. âNgiyakumisa imikhawulo yakho, kusukela eLwandle Olubomvu kuze kufike elwandle lamaFilisti, kusukela ehlane kuze kube semfuleni, ngokuba ngiyakunikela esandleni sakho abakhe kulelo zwe, wena ubaxoshe phambi kwakho.
32. Awuyikwenza sivumelwano nabo nawonkulunkulu babo.