U-Eksodusi 23:13-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. “Qaphelani konke lokho engikushilo kini, ningaphathi igama labanye onkulunkulu; lingezwakali liphuma emlonyeni wakho.

14. “Kathathu ngomnyaka wongigcinela umkhosi.

15. “Uzakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, udle isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba waphuma ngayo eGibithe, kungabonakali muntu phambi kwami ongaphethe lutho,

16. nomkhosi wokuvuna wolibo lwemisebenzi yakho oyihlwanyelayo ensimini, nomkhosi wokubutha ngasekupheleni komnyaka, lapho ubutha imisebenzi yakho ensimini.

17. “Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kweNkosi uJehova.

18. “Awuyikunikela ngegazi lomhlatshelo wami kanye nesinkwa esivutshelweyo. Amanoni omkhosi wami awayikusala bonke ubusuku kuze kuse.

19. “Ukuqala kolibo lwezwe lakho wokuletha endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.

20. “Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikulondoloze endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo.

21. Yiqaphele, ulalele izwi layo, ungayicunuli, lokhu ayiyikuthethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.

22. Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo, ukwenze konke engikukhulumayo, ngiyakuba yisitha sezitha zakho, ngiphambane nabaphambana nawe.

23. Ngokuba ingelosi yami izakuhamba phambi kwakho, ikuyise kuwo ama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaKhanani, namaHivi, namaJebusi. Ngiyakubachitha.

24. Awuyikubakhothamela onkulunkulu babo, ungabakhonzi, ungenzi njengokwemisebenzi yabo, kepha wobachitha impela, ubhidlize izithombe zabo.

25. Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.

26. Akuyikuba khona ophunzayo noyinyumba ezweni lakini; ngiyakuliphelelisa inani lezinsuku zakho.

U-Eksodusi 23