U-Eksodusi 22:6-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. “Uma kuvela umlilo, uvuthe emeveni kuze kushe izinhlanga zamabele, noma amabele angakavunwa, noma insimu, othungele umlilo uyakukhokha impela.

7. “Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imali noma impahla ukuba ayilondoloze, bese yebiwa endlini yalowo muntu, isela, uma lifunyanwa, liyakukhokha kuphindwe kabili.

8. Uma isela lingafunyanwa, umninindlu uyakusondela kuNkulunkulu, kubonwe ukuba akafakanga yini isandla sakhe empahleni yomakhelwane wakhe.

9. Ngezindaba zonke zamacala, eyenkabi, neyembongolo, neyemvu, neyengubo, neyento elahlekileyo, umuntu asho ngayo ukuthi ngeyakhe, indaba yabo bobabili iyakuza phambi kukaNkulunkulu; olahlwa nguNkulunkulu uyakumkhokhela umakhelwane wakhe kuphindwe kabili.

10. “Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imbongolo, noma inkabi, noma imvu, noma kungaba yisilwane sini, ukuba akulondoloze, bese kufa, noma kulimala, noma kuphangwa, kungabonwa muntu,

11. kuyakunquma isifungo sikaJehova phakathi kwabo bobabili sokuthi akasifakanga yini isandla sakhe empahleni yomakhelwane wakhe; umniniyo uyakusamukela isifungo, angayikhokhi.

12. Kepha uma yebiwe kuye impela, uyakumkhokhela umniniyo.

13. Uma idweshuliwe, makayilethe ibe ngufakazi, angakhokhi okudweshuliweyo.

14. “Uma umuntu etsheleka impahla yomunye, bese yilimala noma ifa, umniniyo engekho, nayo uyakuyikhokha nokuyikhokha.

15. Uma umniniyo enayo, akayikuyikhokha; uma yayiqashiwe, imali yokuqasha makayikhokhe.

16. “Uma umuntu eyenga intombi engesiyo ingoduso, alale nayo, uyakuyilobola ibe ngumkakhe.

17. Uma uyise ala impela ukumnika yona, uyakukhokha imali elingene nokulotsholwa kwezintombi.

18. “Ungavumi ukuba umlumbikazi aphile.

19. “Olala nesilwane wobulawa nokubulawa.

U-Eksodusi 22