U-Eksodusi 22:12-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Kepha uma yebiwe kuye impela, uyakumkhokhela umniniyo.

13. Uma idweshuliwe, makayilethe ibe ngufakazi, angakhokhi okudweshuliweyo.

14. “Uma umuntu etsheleka impahla yomunye, bese yilimala noma ifa, umniniyo engekho, nayo uyakuyikhokha nokuyikhokha.

15. Uma umniniyo enayo, akayikuyikhokha; uma yayiqashiwe, imali yokuqasha makayikhokhe.

16. “Uma umuntu eyenga intombi engesiyo ingoduso, alale nayo, uyakuyilobola ibe ngumkakhe.

17. Uma uyise ala impela ukumnika yona, uyakukhokha imali elingene nokulotsholwa kwezintombi.

18. “Ungavumi ukuba umlumbikazi aphile.

19. “Olala nesilwane wobulawa nokubulawa.

20. “Ohlabela abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova yedwa uyakubhujiswa nokubhujiswa.

21. “Awuyikukhathaza umfokazi, ungamcindezeli, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.

22. “Aniyikuhlupha mfelokazi nentandane.

23. Uma ubahlupha nakanjani, bakhale kimi nakancane, ngiyakuzwa nokuzwa ukukhala kwabo;

24. ulaka lwami luyakuvutha, ngikubulale ngenkemba; omkenu babe ngabafelokazi, abantwana benu babe yizintandane.

U-Eksodusi 22