U-Eksodusi 21:7-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. “Uma umuntu ethengisa ngendodakazi yakhe, ibe yisigqilakazi, ayiyikuphuma njengalokhu ziphuma izigqila.

8. Uma sisibi emehlweni enkosi yaso ezimisele sona, yovuma ukuba sihlengwe; ayiyukuba namandla okuthengisa ngaso kubo abafokazi, njengokuba isiphathe ngenkohliso.

9. Uma isimisela indodana yayo, yosiphatha njengamadodakazi.

10. Uma iyithathela esinye, ayiyikunciphisa ukudla kwaso, nezingubo zaso, namalungelo omshado.

11. Uma ingasenzeli lokho okuthathu, siyakuphuma ngesihle ngaphandle kwemali.

12. “Oshaya umuntu aze afe, wobulawa nokubulawa.

13. Kepha uma ebengamqamekeli, uNkulunkulu emnikela nje esandleni sakhe, ngiyakukumisela indawo ayakubalekela kuyo.

14. Uma umuntu esukela umakhelwane wakhe, ambulale ngobuqili, womsusa nase-altare lami ukuba afe.

15. “Oshaya uyise nonina wobulawa nokubulawa.

16. “Oweba umuntu, athengise ngaye, noma efunyanwa esesesandleni sakhe, wobulawa nokubulawa.

17. “Othuka uyise nonina wobulawa nokubulawa.

18. “Nxa abantu belwa, omunye ashaye omunye ngetshe noma ngenqindi yakhe, angafi kepha alale embhedeni,

19. khona-ke, uma elulama, ahambahambe phandle ngenduku yakhe, owamshayayo uyakuyekelwa, amkhokhele nokho isikhathi sakhe esaphukileyo, elashwe nokwelashwa.

20. “Uma umuntu eshaya isigqila sakhe noma isigqilakazi sakhe ngenduku, size sife phansi kwesandla sakhe, wojeziswa nokujeziswa.

U-Eksodusi 21