1. “Yilezi izahlulelo ozakuzimisa phambi kwabo.
2. “Uma uthenga isigqila esingumHeberu, siyakusebenza iminyaka eyisithupha; ngowesikhombisa siyakuphuma sikhululekile ngesihle.
3. Uma singena sisodwa, siyakuphuma sisodwa; uma siganiwe, umkaso uyakuphuma naso.
4. Uma inkosi yaso isinika umfazi, yena esizalela amadodana noma amadodakazi, umfazi nabantwana bakhe bayakuba ngabenkosi yakhe, sona siphume sodwa.
5. “Uma isigqila siyakusho nokusho ukuthi: ‘Ngiyathanda inkosi yami, nomkami, nabantwana bami, angiyikuphuma ngikhululekile,’
6. khona inkosi yaso iyakusiyisa kuNkulunkulu, isimise emnyango noma ensikeni yomnyango, inkosi yaso ibhoboze indlebe yaso ngosungulo, size simkhonze kuze kube phakade.
7. “Uma umuntu ethengisa ngendodakazi yakhe, ibe yisigqilakazi, ayiyikuphuma njengalokhu ziphuma izigqila.
8. Uma sisibi emehlweni enkosi yaso ezimisele sona, yovuma ukuba sihlengwe; ayiyukuba namandla okuthengisa ngaso kubo abafokazi, njengokuba isiphathe ngenkohliso.
9. Uma isimisela indodana yayo, yosiphatha njengamadodakazi.