5. ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,
6. kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.
7. “Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.
8. “Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise.