19. Bathi kuMose: “Khuluma wena kithi, sizwe; kepha uNkulunkulu makangakhulumi kithi, funa sife.”
20. UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi, ngokuba uNkulunkulu uze ukuba anivivinye, ukumesaba kube semehlweni enu, ukuze ningoni.”
21. Abantu bema kude; uMose wasondela ebumnyameni obunzima, lapho ekhona uNkulunkulu.
22. UJehova wayesethi kuMose: “Yisho kanje kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Nibonile nani uqobo ukuthi ngikhulumile kini ngisezulwini.
23. Aniyikwenza lutho olungaphandle kwami; onkulunkulu besiliva nawonkulunkulu begolide aniyikuzenzela bona.
24. “ ‘Wongenzela i-altare lomhlabathi, unikele phezu kwalo iminikelo yakho yokushiswa neminikelo yakho yokuthula, izimvu zakho nezinkomo zakho; ezindaweni zonke lapho ngilenza ukuba likhunjulwe khona igama lami, ngiyakuza kuwe, ngikubusise.
25. Uma ungenzela i-altare ngamatshe, awuyikulakha ngamatshe abaziweyo, ngokuba uma uphakamisela kulo ingwedo yakho, ulingcolisile.
26. Awuyikukhwela e-altare lami ngezikhwelo, funa kwambulwe ubunqunu bakho.’