U-Eksodusi 20:14-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. “Ungaphingi.

15. “Ungebi.

16. “Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho.

17. “Ungafisi indlu yomakhelwane wakho; ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.”

18. Bonke abantu babona ukuduma nokunyazima kombani, nezwi lecilongo, nentaba ithunqa; kwathi abantu sebebonile, bathuthumela, bema kude.

19. Bathi kuMose: “Khuluma wena kithi, sizwe; kepha uNkulunkulu makangakhulumi kithi, funa sife.”

20. UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi, ngokuba uNkulunkulu uze ukuba anivivinye, ukumesaba kube semehlweni enu, ukuze ningoni.”

21. Abantu bema kude; uMose wasondela ebumnyameni obunzima, lapho ekhona uNkulunkulu.

22. UJehova wayesethi kuMose: “Yisho kanje kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Nibonile nani uqobo ukuthi ngikhulumile kini ngisezulwini.

23. Aniyikwenza lutho olungaphandle kwami; onkulunkulu besiliva nawonkulunkulu begolide aniyikuzenzela bona.

U-Eksodusi 20