1. UNkulunkulu wakhuluma onke lawa mazwi, wathi:
2. “NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.
3. “Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.
4. “Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba;
5. ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,
6. kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.
7. “Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.