1. UNkulunkulu wakhuluma onke lawa mazwi, wathi:
2. “NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.
3. “Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.
4. “Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba;
5. ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,
6. kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.