U-Eksodusi 20:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UNkulunkulu wakhuluma onke lawa mazwi, wathi:

2. “NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.

3. “Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.

4. “Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba;

5. ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,

6. kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.

U-Eksodusi 20