13. Waphuma nangosuku olulandelayo; bheka, nanko amadoda amabili amaHeberu exabene; wathi kowonileyo: “Umshayelani owakini na?”
14. Wathi yena: “Ngubani okumise induna nomahluleli phezu kwethu na? Ufuna ukungibulala mina, njengalokho ubulele owaseGibithe, na?”UMose wayesesaba, ethi: “Impela le ndaba iyazeka.”
15. UFaro esekuzwile lokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro, wahlala ezweni lakwaMidiyani; wahlala phansi ngasemthonjeni.
16. UMpristi wakwaMidiyani wayenamadodakazi ayisikhombisa; afika ukukha amanzi, agcwalisa imiqengqe eyophuzisa izimvu zikayise.
17. Kwafika abelusi, bawaxosha. Kepha wayesesukuma uMose, wawasiza, waphuzisa izimvu zawo.
18. Lapho esefika kuRehuweli uyise, wathi yena: “Yini ukuba nisheshe nibuye namuhla na?”
19. Athi: “OwaseGibithe usophulile esandleni sabelusi, futhi wasikhelela amanzi, waphuzisa izimvu.”
20. Wathi kuwo amadodakazi akhe: “Uphi yena? Nimshiyeleni na? Mbizeni, eze ukuzokudla.”
21. UMose wazimisela ukuhlala kulowo muntu; wamupha uMose uSipora indodakazi yakhe.
22. Wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uGereshomu,* ngokuba wathi: “Ngangingumfokazi ezweni elingesilo elami.”
23. Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi, inkosi yaseGibithe yafa; abakwa-Israyeli babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo.
24. UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.
25. UNkulunkulu wabona abantwana bakwa-Israyeli, wabanakekela.