23. Uma wenza lokhu, noNkulunkulu ekuyala kanje, uzakuba namandla okuma, nabo bonke laba bantu bayakubuyela ezindaweni zabo benokuthula.’ ”
24. UMose walalela izwi lomukhwe wakhe, wakwenza konke akushilo.
25. UMose wakhetha amadoda anamandla phakathi kuka-Israyeli wonke, wawabeka aba yizinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduma zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.
26. Zahlulela abantu ngezikhathi zonke; izindaba ezilukhuni zazidlulisela kuMose, kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwa yizo uqobo.
27. UMose wamvalelisa umukhwe wakhe; wasuka wabuyela ezweni lakubo.