U-Eksodusi 18:2-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. UJetiro umukhwe kaMose wathatha uSipora umkaMose, yena esekade embuyisile,

3. namadodana akhe omabili, igama lenye linguGereshomu, ngokuba wayethe: “Ngangingumfokazi kwelinye izwe,”

4. igama lenye lalingu-Eliyezeri, ngokuba wathi: “UNkulunkulu kababa ubelusizo lwami, wangophula enkembeni kaFaro.”

5. UJetiro umukhwe kaMose wafika namadodana akhe nomkakhe kuMose ehlane, lapho wayemise khona ngasentabeni kaNkulunkulu.

6. Wathi kuMose: “Mina mukhwe wakho uJetiro ngize kuwe, kanye nomkakho, namadodana akhe omabili enaye.”

7. UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wamkhothamela, wamanga; babuzana impilo, bangena etendeni.

8. UMose wayesemlandisa umukhwe wakhe konke uJehova abekwenzile kuFaro nakubo abaseGibithe ngenxa ka-Israyeli, konke ukushikashikeka okwabehlela endleleni, nokuthi uJehova wabophula.

9. UJetiro wathokoza ngakho konke okuhle uJehova akwenzile ku-Israyeli, ebophulile esandleni sabaseGibithe.

10. Wathi uJetiro: “Makabongwe uJehova onophulile esandleni sabaseGibithe nasesandleni sikaFaro, ebophulile abantu phansi kwesandla sabaseGibithe.

11. Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, yebo, kulokhu ababebagabisela ngakho.”

12. UJetiro umukhwe kaMose wamthathela uNkulunkulu umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; weza u-Aroni kanye nawo onke amalunga akwa-Israyeli ukuyokudla nomukhwe kaMose phambi kukaNkulunkulu.

U-Eksodusi 18