1. UJetiro umpristi wakwaMidiyani, umukhwe kaMose, wezwa konke uNkulunkulu abenzele khona oMose no-Israyeli abantu bakhe, ukuthi uJehova wayemkhiphile u-Israyeli eGibithe.
2. UJetiro umukhwe kaMose wathatha uSipora umkaMose, yena esekade embuyisile,
3. namadodana akhe omabili, igama lenye linguGereshomu, ngokuba wayethe: “Ngangingumfokazi kwelinye izwe,”
4. igama lenye lalingu-Eliyezeri, ngokuba wathi: “UNkulunkulu kababa ubelusizo lwami, wangophula enkembeni kaFaro.”
5. UJetiro umukhwe kaMose wafika namadodana akhe nomkakhe kuMose ehlane, lapho wayemise khona ngasentabeni kaNkulunkulu.
6. Wathi kuMose: “Mina mukhwe wakho uJetiro ngize kuwe, kanye nomkakho, namadodana akhe omabili enaye.”
7. UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wamkhothamela, wamanga; babuzana impilo, bangena etendeni.
8. UMose wayesemlandisa umukhwe wakhe konke uJehova abekwenzile kuFaro nakubo abaseGibithe ngenxa ka-Israyeli, konke ukushikashikeka okwabehlela endleleni, nokuthi uJehova wabophula.
9. UJetiro wathokoza ngakho konke okuhle uJehova akwenzile ku-Israyeli, ebophulile esandleni sabaseGibithe.
10. Wathi uJetiro: “Makabongwe uJehova onophulile esandleni sabaseGibithe nasesandleni sikaFaro, ebophulile abantu phansi kwesandla sabaseGibithe.