6. OMose no-Aroni bathi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli: “Ngakusihlwa niyakwazi ukuthi uJehova unikhiphile ezweni laseGibithe.
7. Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova, lokhu ezwile izinkonono zenu ngoJehova; thina siyini ukuba nikhonone ngathi na?”
8. UMose wathi: “Lokhu kuzakwenzeka, lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ngazo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.”
9. UMose wathi ku-Aroni: “Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘Sondelani phambi kukaJehova, ngokuba uzwile izinkonono zenu.’ ”