U-Eksodusi 16:34-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

34. Njengalokho uJehova emyala uMose, kanjalo u-Aroni wakubeka phambi kobuFakazi, kulondolozwe.

35. Abantwana bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engamashumi amane, baze bafika ezweni elakhiweyo; badla imana, baze bafika emikhawulweni yezwe laseKhanani.

36. Iyomere* lingokweshumi kwe-efa.*

U-Eksodusi 16