U-Eksodusi 16:23-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Wathi kuzo: “Lokhu kuyikho uJehova akukhulumileyo: kusasa kulusuku lokuphumula, isabatha elingcwele likaJehova; yosani lokho eniyakukosa, nipheke lokho eniyakukupheka, nizibekele konke okuseleyo, kulondolozwe kuze kuse.”

24. Bakubeka kwaze kwasa, njengalokho eyalile uMose; akunukanga, akwaba nampethu.

25. Wayesethi uMose: “Yidlani lokhu namuhla, ngokuba namuhla kuyisabatha likaJehova; namuhla aniyikukuthola endle.

26. Anokubutha izinsuku eziyisithupha, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha; akuyikubakho ngalo.”

27. Kwathi ngosuku lwesikhombisa kwaphuma abanye abantu ukuba bakubuthe, kepha kabakutholanga.

28. UJehova wathi kuMose: “Niyakwala kuze kube nini ukugcina imiyalo yami nemithetho yami na?

29. Bhekani, njengalokho uJehova eniphile isabatha, ngalokho uyaninika ngosuku lwesithupha isinkwa sezinsuku ezimbili; hlalani, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, kungaphumi muntu endaweni yakhe ngosuku lwesikhombisa.”

30. Base bephumula-ke abantu ngosuku lwesikhombisa.

31. Indlu yakwa-Israyeli yaqamba igama lakho ngokuthi imana;* kwakunjengembewu yekoriyanderi,* kumhlophe; kwezwakala emlonyeni kungathi ngamaqebelengwane anezinyosi.

32. UMose wathi: “Lokhu kuyikho uJehova ayalile ngakho ukuthi: ‘Makulondolozwe ezizukulwaneni iyomere* eligcweleyo lalokhu ukuba babone isinkwa enganipha sona ehlane ngisanikhipha ezweni laseGibithe.’ ”

U-Eksodusi 16