U-Eksodusi 16:18-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Lapho sebelinganisa ngeyomere,* yena owayebuthe okuningi akabanga nokuseleyo, nowayebuthe okuyingcosana akaswelanga. Yilowo nalowo wabutha njengokudla kwakhe.

19. UMose wayesethi kubo: “Makungashiywa lutho kukho ngumuntu kuze kuse.”

20. Kodwa abamlalelanga uMose; abanye kubo bashiya okunye kwaze kwasa, kwazala izimpethu, kwanuka, uMose waze wabathukuthelela.

21. Bakubutha ekuseni njalo imihla ngemihla, kwaba yilowo nalowo muntu njengokudla kwakhe; kepha nxa ilanga selibalele, kwancibilika.

22. Kwathi ngosuku lwesithupha babutha isinkwa esiphindwe kabili, amayomere* amabili kumuntu munye; zonke izinduna zomhlangano zafika, zamtshela uMose.

23. Wathi kuzo: “Lokhu kuyikho uJehova akukhulumileyo: kusasa kulusuku lokuphumula, isabatha elingcwele likaJehova; yosani lokho eniyakukosa, nipheke lokho eniyakukupheka, nizibekele konke okuseleyo, kulondolozwe kuze kuse.”

24. Bakubeka kwaze kwasa, njengalokho eyalile uMose; akunukanga, akwaba nampethu.

25. Wayesethi uMose: “Yidlani lokhu namuhla, ngokuba namuhla kuyisabatha likaJehova; namuhla aniyikukuthola endle.

26. Anokubutha izinsuku eziyisithupha, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha; akuyikubakho ngalo.”

27. Kwathi ngosuku lwesikhombisa kwaphuma abanye abantu ukuba bakubuthe, kepha kabakutholanga.

28. UJehova wathi kuMose: “Niyakwala kuze kube nini ukugcina imiyalo yami nemithetho yami na?

29. Bhekani, njengalokho uJehova eniphile isabatha, ngalokho uyaninika ngosuku lwesithupha isinkwa sezinsuku ezimbili; hlalani, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, kungaphumi muntu endaweni yakhe ngosuku lwesikhombisa.”

30. Base bephumula-ke abantu ngosuku lwesikhombisa.

31. Indlu yakwa-Israyeli yaqamba igama lakho ngokuthi imana;* kwakunjengembewu yekoriyanderi,* kumhlophe; kwezwakala emlonyeni kungathi ngamaqebelengwane anezinyosi.

32. UMose wathi: “Lokhu kuyikho uJehova ayalile ngakho ukuthi: ‘Makulondolozwe ezizukulwaneni iyomere* eligcweleyo lalokhu ukuba babone isinkwa enganipha sona ehlane ngisanikhipha ezweni laseGibithe.’ ”

33. UMose wathi ku-Aroni: “Thatha isitsha, ufake iyomere* eligcweleyo lemana, ukubeke phambi kukaJehova, kulondolozelwe izizukulwane zenu.”

34. Njengalokho uJehova emyala uMose, kanjalo u-Aroni wakubeka phambi kobuFakazi, kulondolozwe.

U-Eksodusi 16