13. Kwathi kusihlwa kwenyuka izigwaca, zasibekela ikamu;* ngakusasa kwakulele amazolo ekamu nxazonke.
14. Esenyukile amazolo akade elele khona, bheka, nakho okuthile okuncane okunjengenkwethu, kuncane njengongqoqwane emhlabathini.
15. Bakubona abantwana bakwa-Israyeli, bathi omunye komunye: “Yini le?” ngokuba babengazi ukuthi kuyini. UMose wathi kubo: “Kuyisinkwa uJehova aninike sona ukuba nisidle.
16. Lokhu kuyikho uJehova ayalile ngakho ukuthi: ‘Kubutheni, kube yilowo nalowo njengokudla kwakhe; anothatha iyomere* ngomuntu ngokwenani labantu benu, yilowo nalowo abathathele abasetendeni lakhe.’ ”
17. Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo: abanye babutha okuningi abanye okuyingcosana.
18. Lapho sebelinganisa ngeyomere,* yena owayebuthe okuningi akabanga nokuseleyo, nowayebuthe okuyingcosana akaswelanga. Yilowo nalowo wabutha njengokudla kwakhe.
19. UMose wayesethi kubo: “Makungashiywa lutho kukho ngumuntu kuze kuse.”