U-Eksodusi 16:1-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Basuka e-Elimi; ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli lafika ehlane laseSini eliphakathi kwe-Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma ezweni laseGibithe.

2. Lonke ibandla labantwana bakwa-Israyeli lakhonona ngoMose nango-Aroni ehlane.

3. Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi nga safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, lapho sasihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla isinkwa sisutha, ngokuba nisiphumisele kuleli hlane ukuyobulala lonke leli bandla ngendlala.”

4. UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; abantu bayakuphuma, babuthe isabelo sosuku imihla ngemihla, ukuze ngibavivinye ukuthi bazakuhamba yini emthethweni wami noma qha.

5. Kuzakuthi ngosuku lwesithupha bakulungise abakungenisileyo; kuzakuba ngokuphindwe kabili kwalokhu abakubutha imihla ngemihla.”

6. OMose no-Aroni bathi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli: “Ngakusihlwa niyakwazi ukuthi uJehova unikhiphile ezweni laseGibithe.

7. Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova, lokhu ezwile izinkonono zenu ngoJehova; thina siyini ukuba nikhonone ngathi na?”

8. UMose wathi: “Lokhu kuzakwenzeka, lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ngazo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.”

9. UMose wathi ku-Aroni: “Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘Sondelani phambi kukaJehova, ngokuba uzwile izinkonono zenu.’ ”

10. Kwathi u-Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, babheka ngasehlane; bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini.

11. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

12. “Ngizwile izinkonono zabantwana bakwa-Israyeli; khuluma kubo, uthi: ‘Ngakusihlwa niyakudla inyama, kusasa nisuthe isinkwa, nize nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”

13. Kwathi kusihlwa kwenyuka izigwaca, zasibekela ikamu;* ngakusasa kwakulele amazolo ekamu nxazonke.

14. Esenyukile amazolo akade elele khona, bheka, nakho okuthile okuncane okunjengenkwethu, kuncane njengongqoqwane emhlabathini.

15. Bakubona abantwana bakwa-Israyeli, bathi omunye komunye: “Yini le?” ngokuba babengazi ukuthi kuyini. UMose wathi kubo: “Kuyisinkwa uJehova aninike sona ukuba nisidle.

U-Eksodusi 16