3. UJehova uyindoda yempi;nguJehova igama lakhe.
4. Izinqola zikaFaro nempi yakheukuphonse elwandle;izinduna zakhe ezikhethiweyozaminza eLwandle Olubomvu.
5. Izintwa ziyabasibekela;bashona ezinzulwini njengetshe.
6. “Isandla sakho sokunene, Nkosi,sidumisekile ngamandla aso;esokunene sakho, Nkosi, siyaphahlaza isitha.
7. Ngobukhulu bobukhosi bakhouyachitha abakuvukelayo;uyathuma intukuthelo yakho,ibaqede njengamabibi.
8. Ngokufutha kwamakhala akhoamanzi anqwabeleka;izifufula zema njengenqwaba,amadlambi ashuqa phakathi kolwandle.
9. “Isitha sathi: ‘Ngiyakubaxosha, ngibafice,ngahlukanise impango,inhliziyo yami idele ngabo;ngiyakuhosha inkemba yami,isandla sami sibachithe.’
10. Waphephetha ngomoya wakho,ulwandle lwabasibekela;baminzisa okomthofu emanzini anamandla.