1. Base behlabelela uMose nabantwana bakwa-Israyeli leli gama, bekhuluma bethi:“Ngizakuhlabelela kuJehova,ngokuba uphakeme kakhulu;ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.
2. UJehova ungamandla ami nehubo lami;waba yinsindiso kimi;unguNkulunkulu wami: ngizakumdumisa,noNkulunkulu kababa: ngizakumphakamisa.
3. UJehova uyindoda yempi;nguJehova igama lakhe.
4. Izinqola zikaFaro nempi yakheukuphonse elwandle;izinduna zakhe ezikhethiweyozaminza eLwandle Olubomvu.
5. Izintwa ziyabasibekela;bashona ezinzulwini njengetshe.
6. “Isandla sakho sokunene, Nkosi,sidumisekile ngamandla aso;esokunene sakho, Nkosi, siyaphahlaza isitha.
7. Ngobukhulu bobukhosi bakhouyachitha abakuvukelayo;uyathuma intukuthelo yakho,ibaqede njengamabibi.
8. Ngokufutha kwamakhala akhoamanzi anqwabeleka;izifufula zema njengenqwaba,amadlambi ashuqa phakathi kolwandle.
9. “Isitha sathi: ‘Ngiyakubaxosha, ngibafice,ngahlukanise impango,inhliziyo yami idele ngabo;ngiyakuhosha inkemba yami,isandla sami sibachithe.’