29. Kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo.
30. Kanjalo uJehova wasindisa u-Israyeli esandleni sabaseGibithe; u-Israyeli wababona abaseGibithe befile ogwini lolwandle.
31. U-Israyeli wabona umsebenzi omkhulu uJehova awenzile phezu kwabaseGibithe; abantu base bemesaba uJehova, bakholwa nguJehova nenceku yakhe uMose.