Ingelosi kaNkulunkulu eyayihambile phambi kwempi ka-Israyeli yasuka yahamba emva kwabo, nensika yefu yasuka phambi kwabo, yema emva kwabo.